UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
IsAmbulo 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, IsiZulu 2020 NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, Baasraak Zulu New Testament Bible NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo; Contemporary Zulu Bible 2024 NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo; |
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.
Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.”
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,