Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
Hoseya 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na? IsiZulu 2020 Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na? Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakwenzani ngosuku lomkhosi nangosuku lomkhosi kaJehova na? |
Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?
Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.