Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abafokazi bawadlile amandla akhe, naye akakwazi; yebo, lapha nalaphaya kunezimpunga kuye, kodwa yena akazi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 7:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.


Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Uyakuthi: “Bangishayile, angilimalanga; bangigalele, angikwazanga. Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune.”


Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.


Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.


Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.