Hoseya 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo. IsiZulu 2020 Kuyakuthi lapho sebehamba, ngiphonse inetha lami phezu kwabo, ngibathele othulini njengezinyoni zezulu, ngibabambe lapho ngizwa umbiko ngokuhlangana kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho behamba, ngiyozendlala phezu kwabo; ngizabehlisela phansi njengezinyoni zezulu; Ngizobajezisa njengokuzwa kwabo ukuhlangana. |
Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.
“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.
Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’
Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.
Ngiyakweneka inetha lami, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBabele, ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqe ngaso kimi.
“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.
U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.