Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.
Hoseya 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu. IsiZulu 2020 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kepha abaphendukela kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu. |
Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.
UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.
UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.
Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso.
i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.
“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.
Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.
Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.