Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwezinsuku ezimbili uyakusiphilisa; ngosuku lwesithathu uyakusivusa, siphile phambi kwamehlo akhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 6:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”


“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.


Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.


nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,