Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalokho bheka, ngiyakusibekela indlela yakho ngameva, ngenze ugange, ukuze angazitholi izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 2:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.


nomuntu ondlela yakhe isithekile, uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?


“Kepha sondelani nina madodana abahlola imihlola, inzalo yomphingi neyesifebe.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iNofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.