Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Esiswini wabamba umfowabo ngesithende, nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 12:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.


Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu.


Ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthuma ukufutheka kwami, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.


Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.


Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.


ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,