Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,
Hoseya 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla. IsiZulu 2020 Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngezibopho zothando; kubo ngaba njengosusa ijoka emihlathini yabo, ngabanika inyama. |
Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,
UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”
Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.
Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.
Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.
Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;
namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.