Hoseya 11:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe. IsiZulu 2020 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe. |
‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.
Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami.
Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
“Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.
“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.
Kuzo zonke izinengiso zakho nakubo bonke ubufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, wawuze, wangqasha egazini lakho.
“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona ungqasha egazini lakho, ngathi kuwe: Wena osegazini lakho: “Phila!” yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: “Phila!”
Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.
“Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.
“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
“Nginithandile,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe,
wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.”
Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.
“UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,