Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.
Esteri 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo. IsiZulu 2020 AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho abaJuda bachitha zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokubhubhisa, benza njengokuthanda kwabo kwababazondayo. |
Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.
Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.
inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,
EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.
Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.
uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,