Khona uThathenayi umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke, ngokuba uDariyu inkosi wayethumele.
Esteri 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.” IsiZulu 2020 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!” Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo. |
Khona uThathenayi umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke, ngokuba uDariyu inkosi wayethumele.
Yayisithi inkosi kuHamani: “Shesha, uthathe isambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.”
UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.
Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.
Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.