Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”
Esteri 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. IsiZulu 2020 waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi. Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. |
Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”
lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.
Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.
Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”
Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,