Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.
Esteri 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi. IsiZulu 2020 Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izintombi zibuthana ngokwesibili, uMoridekayi wahlala phansi esangweni lenkosi. |
Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.
Kepha konke lokho akunganelisi ngalutho kuso sonke isikhathi engilokhu ngibona ngaso uMoridekayi, umJuda, ehlezi esangweni lenkosi.”
UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.
UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.