Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Yahamba kusihlwa, ngangomuso yabuyela endlini yesibili yabesifazane, phansi kwesandla sikaSheshahasi, induna yenkosi, egada izancinza; nokuthi wayeshiwo ngegama.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 2:14
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.


intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini, nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.


Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.


Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.


Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.