Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

ukuletha uVashiti indlovukazi phambi kwenkosi ephethe umqhele wobukhosi ukuze abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngoba wayemuhle ukumbona.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 1:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.


Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.


makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi, kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;


Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.