Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJuda 1:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nibasindise ngokubahlwitha emlilweni, kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Abanye nibasindise ngokwesaba nibakhipha emlilweni; bazonda ngisho nesambatho esingcoliswe yinyama.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abanye nibasindise ngokwesaba nibakhipha emlilweni; bazonda ngisho nesambatho esingcoliswe yinyama.

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJuda 1:23
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

edlula esitaladini eduze negumbi lakhe. iya endleleni yendlu yakhe,


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.


Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.


Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;


Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.


ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.


Abanye, abangabazayo, nibahawukele,


ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.


“Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.