EkaJuda 1:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya. IsiZulu 2020 Yibo laba abadala ukwahlukana bengabemvelo, bengenaye uMoya. Baasraak Zulu New Testament Bible Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya. |
abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.
“ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami,
“Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.
Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;