AmaHubo 99:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona. IsiZulu 2020 Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nesimiso abanika sona. |
UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.
Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.
UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.
UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.”
owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.