AmaHubo 92:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke; IsiZulu 2020 Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke, Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo losuku lwesabatha.) Kuhle ukudumisa uJehova nokuhubela igama lakho, wena oPhezukonke. |
Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.
Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.
Ngizakunikela kuwe ngesihle; ngizakulibonga igama lakho, Jehova, ngokuba lihle.
Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.
Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;
niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.