Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.
AmaHubo 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo. IsiZulu 2020 Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ecela igazi, uyazicabangela; Akakukhohlwa ukukhala kwabathobekile. |
Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.
nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.
Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.
Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo
Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.
Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane nezinkulungwane; iNkosi iphakathi kwazo; iSinayi lisendaweni engcwele.
Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.
Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.
Bheka, mina, nabantwana uJehova anginike bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.
ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.
ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”
Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.