Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 85:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uthethelele ububi babantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 85:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.


Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.


Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Ake uthethelele ububi balaba bantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele laba bantu kusukela eGibithe kuze kube manje.”


yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.


Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;