AmaHubo 83:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ne-Asiriya lahlangana nabo, laba yingalo yabantwana bakaLoti. Sela* IsiZulu 2020 Ne-Asiriya lahlangana nabo, laba yingalo yabantwana bakaLothi. Sela Contemporary Zulu Bible 2024 I-Asiriya lazihlanganisa nabo, lazingela abantwana bakaLoti. Sela. |
UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi.
Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.
Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
Amalunga aseGebali nezihlakaniphi zalo babe ngabavimbi zimfa bakho kuwe. Yonke imikhumbi yaselwandle namatilosi* ayo babe kuwe ukuba bathengise ngempahla yakho.
“UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”