Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
AmaHubo 81:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise. IsiZulu 2020 Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise. Contemporary Zulu Bible 2024 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe; vula kakhulu umlomo wakho, ngiwugcwalise. |
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
“Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula* naseGibithe, nimkhonze uJehova.
Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.