Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 71:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Yiba yindawo yami yokuhlala yaphakade engingaphephela kuyo njalonjalo; Wayala ukuba ngisindise; ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 71:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa abantu bami phansi kwami.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona.


Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba.


Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


ngokuba uthi: Jehova, uyisiphephelo sami; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’