Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.
Kepha mina ngimpofu futhi ngiyantula, phuthuma ungisize, Nkulunkulu! Ulusizo lwami nomkhululi wami. Simakade, ungalibali.
Kepha mina ngimpofu nompofu; shesha uze kimi, Nkulunkulu; Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; O Jehova, ungalibali.
Ngokuba ngingodingayo nompofu; inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.
Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu; insindiso yakho, Nkulunkulu mayingilondoloze.
Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi Jesu!