Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
AmaHubo 70:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abathi ashila, ashila mababuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwabo. IsiZulu 2020 Abathi: “Ashila, ashila!” mababuyele emuva ngenxa yehlazo labo. Contemporary Zulu Bible 2024 Mabaphendukele ihlazo labo abathi: Ashila, ashila! |
Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi: “He, kwaya ngesifiso sethu!” Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”
Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.
Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.
uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,
“Ndodana yomuntu, ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi: ‘Ashila; laphukile ebe liyisango labantu; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,’
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’
Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;