Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule. Jehova, phuthuma ungisize.
Nkulunkulu, phangisa ungikhulule. Simakade, phuthuma ungisize.
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide, ekukhunjuzweni kwakho. Shesha, Nkulunkulu, ungisindise; shesha ungisize, Jehova.
Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.