Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”
AmaHubo 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele, IsiZulu 2020 Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo, Contemporary Zulu Bible 2024 Uma engaphenduki, uyolola inkemba yakhe; wawucima umnsalo wakhe wawulungisa. |
Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”
Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.
Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani,* inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako* oselwandle.
Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.
Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.
Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’
Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’