Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
AmaHubo 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo. IsiZulu 2020 Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Isivikelo sami sikuNkulunkulu, osindisa abaqotho ngenhliziyo. |
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.
mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu
uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova, kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.
“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”