AmaHubo 67:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke. IsiZulu 2020 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Izizwe mazikudumise, Nkulunkulu; bonke abantu mabakudumise. |
Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.
Igama lakho ngiyakulenza likhunjulwe ezizukulwaneni zonke; ngakho-ke izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.
yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.