AmaHubo 67:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela* IsiZulu 2020 UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti, iHubo. Futhi makukhanye ubuso bakhe phezu kwethu; Sela. |
Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,
Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo.