Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
AmaHubo 64:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo IsiZulu 2020 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo, Contemporary Zulu Bible 2024 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo; |
Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.
Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.
Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.
“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.