Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 64:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo;

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 64:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba bhekani, ababi bawunsala umnsalo wabo, babeka imicibisholo yabo entanjeni ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.


Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.


Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.


Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.