Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”
AmaHubo 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho. IsiZulu 2020 Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho. |
Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”
Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
Koze kube nini ngikhathazeka emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?
Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.
Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?
Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?
Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.
Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’