noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,*
AmaHubo 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. IsiZulu 2020 Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. |
noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,*
noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.
Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
“Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.
Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.
Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.
Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova, “ngokuba nginawe, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.”