athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.
AmaHubo 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso. IsiZulu 2020 Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo. |
athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.
UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”
UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.
Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*
Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.
begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”
Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.