Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
AmaHubo 49:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda. IsiZulu 2020 Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda. Contemporary Zulu Bible 2024 Umlomo wami uyakukhuluma ukuhlakanipha; nokuzindla kwenhliziyo yami kuyakuba ngukuqonda. |
Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.
Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.
Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.
Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.
Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,