Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”
AmaHubo 48:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. IsiZulu 2020 Ngokuba amakhosi abuthana, aqhubeka kanyekanye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bheka, amakhosi ayendawonye, adlula kanyekanye. |
Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”
Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.
Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi: Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.
Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.