Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”
AmaHubo 42:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” IsiZulu 2020 Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho? |
Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”
Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Sela*
Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.
Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.
Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.
Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?