Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”
AmaHubo 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela* IsiZulu 2020 Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule. Sela Contemporary Zulu Bible 2024 Yesabani, ningoni; khulumani nenhliziyo yenu embhedeni wenu, nithule. Sela. |
Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”
Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.
Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe izwi lami.
Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*
Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*
Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.
Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.
Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”
Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.