AmaHubo 34:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. IsiZulu 2020 Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Mdumiseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. |
UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.
UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.”
Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,
kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu;
njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”