lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
AmaHubo 27:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? IsiZulu 2020 USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani? |
lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?
Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.
Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.
Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”
Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo.
Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:
Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.
Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.
samemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!”