Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo;
AmaHubo 26:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho. IsiZulu 2020 Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona. |
Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo;
Futhi njengokuba ngiyenamela indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyanika indlu kaNkulunkulu wami yona phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,
baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.
USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
UJehova uyakungisindisa; ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.
Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”
Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.
Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”