Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
AmaHubo 26:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova, IsiZulu 2020 Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova; |
Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”
onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,
Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,