Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
AmaHubo 24:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso. IsiZulu 2020 Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso. Contemporary Zulu Bible 2024 Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga. |
Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;
UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
Ngubani ongasho ukuthi: “Ngihlanzile inhliziyo yami, sengihlambulukile ezonweni zami, na?”
Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?
Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;
“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.
bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.
nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,
Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.