Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”
AmaHubo 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula. IsiZulu 2020 ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba walisekela phezu kolwandle, walimisa phezu kwemifudlana. |
Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”
Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.
Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.