Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
AmaHubo 22:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami. IsiZulu 2020 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na? |
Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.
Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.
Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.
Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.
Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.