AmaHubo 20:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele, akusekele ngamandla aseSiyoni. IsiZulu 2020 Makakuthumelele usizo oluvela endlini engcwele, akweseke eseZiyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakuthuma usizo oluvela endlini engcwele, akuqinise kwaseSiyoni; |
Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*
Ngokuba abafo bangivukele; izidlova zifuna umphefumulo wami; azimbekile uNkulunkulu phambi kwazo. Sela*
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”
Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.