Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”
AmaHubo 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo. IsiZulu 2020 Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo. |
Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”
Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.”
Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele.
Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho ngenxa yezigungu zabantu; ubalondoloza edokodweni ekuxabaneni kwezilimi.
Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.
Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.
Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”
isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.
njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”
enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.
Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.”
USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?