ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.”
AmaHubo 19:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. IsiZulu 2020 Imiyalo kaSimakade ilungile, ingumthombo wokwethaba kwenhliziyo; umyalo kaSimakade uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izimiso zikaJehova zilungile, zijabulisa inhliziyo; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. |
ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.”
izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;
Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.
“Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;
Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.
Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.
Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.
ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”
Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu;
Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.
wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.